YEKA UGWAYI

YEKA UGWAYI

Bonke abantu bayakutshela ukuthi yeka ugwayi kodwa ukuthola kunzima ukuwuyeka, bafaka izitikha ezingalweni zakho ngoba bethi bazama ukukusiza ukuthi uwuyeke kodwa nazo azikusizi ngalutho, kuningi nje abakwenzayo ngoba bezama ukukusiza. Abanye badla oshephisi ababizayo kanye noswidi abaneminti ngoba bezama ukuwuyeka.

Kodwa esikwaziyo sonke nokunzima kakhulu ukuthi ugwayi uyabiza nangaphandle nje kokubiza kwawo kufanele uphinde ukhokhele imithi yodokotela ngoba abantu ababhema ugwayi kulula ukuthi bangenwe isifuba somoya,umkhuhlane  kanye ne nyumoniya. Okukhulu kunalokho ugwayi  ubanga isifo somdlavuza (CANCER), futhi izindleko zokuwulapha zinkulu kakhulu! Kunazo zonke lezi zifo ezibangwa ugwayi kushukuthi kusafanele uphinde uthenge imithi, uphinde futhi uthenge ugwayi lona okubangela ukugula.

AKUYONA INIKHOTHINI YI THAR/ TAR NOT NICOTINE

Yini ekwenza ukuthi ugule impendulo yalokho yi tar ekugulisayo. Lokhu kwenzeka nxa iphepha namahlamvu kusisha kugwayi. Akuyona inikhothini yi tar ebulala isifuba, yenza nomdlavuza futhi ibeseyiya kubulala. Kusekwa yi tar futhi ekwenza ukhokhe imali.

OOGWAYI ABASHAJWAYO

YEKA UGWAYI

Okuhle ngawo awubizi futhi  obiza kancane ungakubiza mayelana no R300,ngemuva kalokho mhlawumbe kuzomele ubheke ikhoyili eyodwa ekuyiyona eyenza umlilo njalo ngemuva kwamaviki amathathu ngo R35 nje kphela.  Ungathola ne Jusi  esezingeni eliphezulu ye Nikhothini ngo R140 ibhodlela 30ml . Mhlawumbe kungenzeka usebenzise u R20 kaJUSI ngosuku hlampe nangaphansi kuyangokuthi ubhema kangakanani.

IMPILO

Oogwayi abashajwayo abanayo I tar,banentuthu ene nicotine futhi enephunga elimnandi. Ukukhwehlela okubangwa ugwayi kuyaphela futhi nesifuba sibangcono. Ungakwehlisa ukugula kunalokho ububanakho nobungozi bomdlavuza kuzokwehla kakhulu. Yilapho ke suzokonga kakhulu nezindleko ezibizayo ngeke zisabakhona e Famasi/PHARMACY.

UNGATHOLA OKUNYE OKUNINGI NOLUNYE ULWAZI

Ungathola u Brian beno Mari esitolo sawo ugwayi (E-CIG INN) iyakumema ukuthi woza uzothola ukuthi konke lokhu kumayelana nani. Uzosithola esitolo esiku Namba 4 Southgate Mall, 400 Andrew Zondo Road Amanzimtoti. Siseceleni  kuka Postnet. Indawo yokupaka nayo ikhona futhi ivulekile. Siyaxolisa ukusho ukuthi asisikhulumi isiZulu ngokwethu. Nathi sathwala kanzima sizama ukuyeka ukubhema ugwayi kodwa sagcina siwuyekile okusho ukuthi nawe munesifiso sokuwuyeka singakusiza. Manje esikuqondayo nesikwaziyo futhi esinesiqiniseko sako ogwayi abashajwayo bayongile impilo yethu futhi basengayonga neyakho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

You may use these HTML tags and attributes:

<a href="" title=""> <abbr title=""> <acronym title=""> <b> <blockquote cite=""> <cite> <code> <del datetime=""> <em> <i> <q cite=""> <s> <strike> <strong> 

This site uses Akismet to reduce spam. Learn how your comment data is processed.